AZIVUMELEKILE IZAGILA NEZINDUKU KWIMASHI MHLAKA 30

UNGQONGQOSHE waMaphoyisa kuzwelonke uFriroz Cachalia uthi izikhali zendabuko kukhukhulela ngoqo wemashi mhlaka 30 June 2026.

IBAMBA Ngqongqoshe waMaphoyisa kuzwelonke uFiroz Cachalia, umemezela ukuthi izikhali zendabuko azivumelekile mhla zingama-30 kulenyanga. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KUZODLA umbuso imali engaphezu kuka-R600 million, ukuqinisa ubukhona bamaphoyisa ngosuku lukakhukhulelangoqo wemashi ezoba mhla zingama-30 kulenyanga, okuyimashi enxusa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo. Lokhu kushiwo obambe njengoNgqongqoshe waMaphoyisa kuzwonke uFiroz Cachalia, namuhla eGoli kwisithangami sabezindaba.
UCachalia uthi ukuphatha izikhali ngesikhathi semibhikisho akuvumelekile, okubalwa izikhali zendabuko ezifana nezinduku, izagila, uthi lokho kuzothathwa njengokuphula umthetho.”Amasosha azosebenzisana namaphoyisa ukuqapha izindawo ezingase zibe isizinda sodlame ezweni lonke, ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha, ukuthula, nokulawulwa kwesimo ngesikhathi semibhikisho ehleliwe,” kusho uCachalia.
