KONKE SEKUMI NGOMUMO KOWE-DUNDEE JULY

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ethula inkulumo ngemuva komviliyelo.

AMAHHASHI etelebhela kumviliyelo owandulela iDundee July.

OMAMA besigekle beyibhikla kumviliyelo. IZITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
KONKE sekumi ngomumo ngomtelebhelo wamahhashi, iDundee July enamuhla eNdumeni Horseracing Track, eDundee. Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi kunomviliyelo owandulela le ndumezulu yomcimbi. Uthe lo mcimbi womtelebhelo wamahhashi, unesiteki sikaR2.5m “SiwuMnyango sinobudlelwano obuhle noMasipala waseNdumeni, nowesiFunda uMzinyathi, lokho okwenza ukuhleleka kube sezingeni.
Lo mcimbi ukhula unyaka nonyaka, ngonyaka ozayo kufanele ube kwelinye izinga. Siyaziqhenya njengohulumeni ngokuba nalo mtelebhelo, engeminye yemicimbi ebalwa nemikhulu. Phakathi ngesonto kuqale ngokucijwa kwabafundi, ngamathuba emisebenzi akhona kwimikhakha ehlukahlukene, osomahlaya nomviliyelo,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Uthe lo mtelebhelo unemijaho eyi-12 nesiteki sika-R2.5 million. “Ngiyabonga kakhulu kubona bonke abaxhasi balomcimbi, ngidlulisa ukubonga okukhulu kuNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokuthi asivumele sibe nalomcimbi. Lo mjaho ibeka indawo yaseDundee ebalazweni, uklama indima enkulu ekuthuthukiseni umnotho wendawo, kusho uNgqongqoshe uKhawula.
