UREBECCA MALOPE UPHAWULA NGOBUDLELWANE BAKHE NO-BUSHIRI

UMBIKO: MABUHLE MLABA
INDLOVUKAZI yomculo weGospel uRebecca Malope, isiphumele obala ngobudlelwano bayo nomfundisi waseMalawi ofunwa uthuli abomthetho eNingizimu Afrika, uShepherd Bushiri.
Kuqale kwabonakala kuntaza ezinkundleni zokuxhumana izithombe zikaFloyd Shivambu onguNobhala Jikelele we-MK Party ngempelasonto yePhasika, evakashele uBushiri. Kuthe abantu besamangazwe ilokho kwaputshuka ezikaMalope, okwenza abantu basola ukuthi naye ubehambele inkonzo le nkonzo. UMalope, obekubhekwe ukuthi ayocula eCarnival City ngempelasonto yePhasika, usekuphikile ukuthi ubeyingxenye yenkonzo yalo mfundisi, wathi lezi zindaba zimuzwisa ubuhlungu. “Eminyakeni emibili edlule ngaya eMalawi lapho ngangiqashwe uphromotha hhayi ibandla likamfundisi. Ngesikhathi ngihambele eMalawi, ngizwe ngabantu bebanga umsindo bejabulela ukumbona uBushiri. Ufikile esiteji wazongibungaza, lokho kwangimangaza ngoba bengingazi ukuthi ukhona. Engifuna ukukwazisa abantu ukuthi uBushiri wangena esiteji wabonga ukufika kwami. Angikaze ngihambele isonto lakhe eNingizimu Afrika noma eMalawi. Yena impela ubehlale engimema ngoba ethi ungomunye wabalandeli bami kodwa bengihlala nginqaba ngibike izaba, ngoba mina ngiyazi ukuthi ngimi kuphi noNkulunkulu wami.” Unxuse abantu bayeke ukumchapha ngezinhlamba, ngoba akukho okubi akwenzile.
UBushiri nowakwakhe uMary basolwa ngokukhwabanisa imali ebalelwa ngaphezulu kuka R106 million, sebeke bazinikela emaphoyiseni, kulandela ukukhishwa kwencwadi egunyaza ukubaboshwa kuleliya lizwe.
Bathola ibheyili kaR200 000.
