KUSETSHENZISWA ABAKHUBAZEKILE UKUDAYISA IZIDAKAMIZWA

KUSOLWA izigilamkhuba ezisebenzisa abakhubazekile ukushushumbisa nokudayisa izidakamizwa. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi izigilamkhuba zisebenzisa abantu abakhubazekile ukushushumbisa, nokudayisa izidakamizwa eMgungundlovu. Kuthiwa lokhu kwenzeka kakhulu e-Edendale nase-Ashdown.
Lezi ndaba ziqinisekiswe uMnuz Ntuthuko Khumalo ongumxhumanisi wenhlangano yabantu abakhubazekile iWind Runners, uthi abantu abakhubazekile bayasetshenziswa ikakhulukazi labo abathembele kwabanye ukuze babasize nsuku zonke. Uthi kubalulekile ukuthi abantu abakhubazekile bangavumi ukusetshenziswa izigebengu kodwa bagxile ekuzithuthukiseni.
UMnuz Siyanda Biyela onguSihlalo we-Community Policing Forum (CPF) KwaZulu-Natal, uthi lokhu akugcini eMgungundlovu kuphela kodwa kuyenzeka nakwezinye izingxenye zezwe. “Laba abasebenzisa abantu abakhubazekile ekwenzeni ubugebengu kufanele baboshwe. Izigebengu zikhetha abantu abakhubazekile ngoba bona abasolwa kalula ebugebengwini, ngoba kwaziwa ukuthi bakhubazekile,” kusho uMnuz Biyela.
Amaphoyisa aseMgungundlovu athi awakawatholi amacala asemthethweni avuliwe ngalolu daba, abe esenxusa umphakathi ukuthi ubike noma yiluphi ulwazi olungasiza ukuze kuqale uphenyo.
