UGWETSHWE UDILIKAJELE OWOXHAXHA LWAMACALA OKUDLWENGULA

USIMPHIWE Mkhwanazi ogwetshwe udilikajele ngoxhaxha lwamacala abhekene nawo. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UGWETSHWE udilikajele neminyaka eyi-105 ngaphezulu owesilisa oneminyaka engama-22 ubudala, ngamacala ayi-10 okubalwa okubulala, awokuphanga, ukunyukubeza abantu besifazane aphinde abathumbe.
USimphiwe Mkhwanazi ugwetshwe iNkantolo ePhakeme yaseBreyten, eMpumalanga namuhla, lobu bugebengu wabenza ngoNtulikazi ngonyaka ka-2021 noNcwaba wonyaka ka-2023 endaweni yase-Amersfoort naseDaggakraal.
Ubufakazi obulethwe enkantolo buveze ukuthi ubehloma ngommese esabisa izisulu, azidudule aziyise ezindaweni ezicashile lapho ebezidlwengula khona, aphinde aziphuce izimpahla, imali nomakhalekhukhwini. Kwesinye isigameko kuthiwa wasibulala isisulu wasingcwaba emgodini ongashoni.
USiphiwe walahlwa ngelakubo ngesikhathi
amaphoyisa emthola enezingubo ezinegazi, kwase kwenziwa ulibofuzo okuyilona olumhlanganise nalezi zigameko.
Ubufakazi, nezitatimende zezisulu yikhona okumenze wathola lesi sigwebo.
