Uncategorised

KWETHULWE INGQALASIZINDA YAMANZI EMOMBENI

IMEYA uCllr Sikhumbuzo Dlamini ivula ngokusemthethweni ingqalasizinda yamanzi KwaZece, eShowe.

IZIKHULU zesiFunda iKing Cetshwayo, namalunga omphakathi. IZITHOMBE: KING CETSHWAYO DISTRICT

NOMCEBO NGEMA

SEKUZOKUBA umlando ukubanga amanzi ngezinkomo kumphakathi, kulandela ukuvulwa ngokusemthethweni kwengqalasizinda yamanzi KwaZece, naseGcotsheni eMombeni, eShowe.

IMeya uCllr Sikhumbuzo Dlamini yesiFunda iKing Cetshwayo, ngesikhathi ivula ngokusemthethweni le ngqalasizinda izolo, ithe kuwumsebenzi wabo ukuthi baphakele imiphakathi amanzi angcono futhi ahlanzekile ngoba awumgogodla wempilo. Uthi kungumsebenzi wabo ukuhlinzeka umphakathi ngamanzi ahlanzekile, nokulalela izikhalo zawo. “Sifike kulo Mkhandlu ngonyaka ka-2021 safica kumapeketwana, “esho.

Uthi bazibophezele ekuletheni intuthuko emphakathini njengoba bethula ingqalasizinda yamanzi. “Umsebenzi esiwethule KwaZaca udle imali engaphezu kuka-R4 million, la manzi azophakela imizi engama-40, kwadaleka amathuba emisebenzi ayi-18. Umsebenzi oseGcotsheni wona udle imali engaphezu kuka-1 million, amanzi azophakela imizi engama-35, kwadaleka amathuba emisebenzi ayi-15. Lo msebenzi ubuwenziwa usonkontileka iStriving To Satisfy Trading And Projects ngokubambisana nenkampani iDLV Project Managers & Engineers (pty) LTD,” Kusho iMeya uDlamini.IMeya ibe isinikela ngama- wheelchairs ayi-10 kubantu abakhubazekile, negilosa enikwe imizi engama-48.

.