
KUFE OSOLWA NGOKUBULALA AWE-CRIME INTELLIGENCE ENANDA

UMSOLWA obefunwa ngokubulala amalungu amabili e-Crime Intelligence ahlaselwa eMount Edgecombe, udutshulwe wafa eNanda. ISITHOMBE : FACEBOOK
MZWANDILE MHLONGO
UBEFUNWA uthuli ngamacala okubulala amaphoyisa ayizinhloli amabili, umsolwa odutshulwe wabulawa, ngesikhathi edubulana namaphoyisa eNanda, eThekwini.
Kulimale iphoyisa elilodwa kulesi sigameko esenzeke ezintathakusa ngoLwesihlanu, lapho amaphoyisa ezobunhloli uCapt Louis Nel noSayitsheni uMandla Khuzwayo abadutshulwa mhla zingama-30 kuMbasa nonyaka, eMount Edgecombe, eThekwini.Emngcwabeni ka-Nel, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi, wenza isethembiso sokuthi bazobanjwa abasolwa abulale lawa maphoyisa, wathi ubafuna bephila noma befile, unqobo nje uma bebanjiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe kwisigameko sokubulawa kwamaphoyisa uCapt Louis Nel noSayitsheni uMandla Khuzwayo, sekuboshwe abasolwa abahlanu kanti bese kusele yena yedwa lona obulawe eNanda. Kulesi sigameko okusale lo msolwa enkundleni, kudubuleka iphoyisa elilodwa esandleni.
