Uncategorised

UVELE NGEKHANDA EZIKWELETINI OWADUMA KWI- CHIEFS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

SIBHUKUDA esizibeni sezinkinga zezimali isihlabani esaduma kwiKaizer Chiefs nakwiMamelodi Sundowns, uKhama Billiat.
Ngokubika ngokwehlukana kweCity Press neSunday World, uBilliat ufunwa uthuli ibhange ngoba esehluleka ukukhokhela i-instalment semoto yohlobo lwe Range Rover Lumma CLR RS, ebiza imali elilinganiselwa u R3.5 million. Kuthiwa sekunezinyanga eziningi lo mdlali wehluleka ukukhokha.
Kuvela lezi zindaba zemoto nje, bekungakapheli isikhathi eside kusanda kuputshuka ezithi umuzi wakhe oseMidrand eGoli uzodliwa ngoba ukweleta imali ecela kuR1.7 million. Inkampani exhasa ngemali i-Emerging Markets Home Loans isinqume ukudlulisela lolu daba enkantolo ePretoria High Court, ngenhloso yokuxosha izihlobo ezihlala kule ndlu njengoba yena esabuyela ngakubo eZimbabwe lapho edlalela khona iScotland FC.