Uncategorised

KUSUNGULWE ISIKHWAMA ESIZOLEKELELA IZINGANE ZIKA-DJ WARRAS

UDJ Warras obengumsakazi nomethuli wezinhlelo kumabonakude ongasekho emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

ISIFINYELELE ku-R154 560 imali okuhloswe ukuthi ifakwe esikhwameni esizosiza izingane ezintathu zika-Dj Warras, odutshulwe ngonyaka owedlule kuZibandlela eGoli.
Lo mkhankaso uqalwe ezinsukwini eziyi-16 ezedlule kwi-Back a Buddy, okulindeleke ukuthi ize ifinyelele ku-R1 million.
Udadewabo kaDj Warras, uNicole Stock uthi sikhulu isikhala esivulekile emndenini ngokuhamba emhlabeni kukamfowabo. “Manje sekuyaqala kuyakholakala ukuthi umfowethu akasekho. Sicele isizwe ukuthi sisikhulekele nokuthi sime nathi ngalesikhathi esinzima. Okwamanje sidinga uJesu, sidinga uthando futhi sidinga nokwesekwa, ngoba ukucasuka nokuziphindeselela ngeke kusiyise lapho esidinga ukuba khona. Kufanele sithembe okuqhubekayo,” kusho uNicole.