KUKHUNJULWE UNOMEHLO UMKHONZA KUMASIPALA WABAQULUSI

IMEYA yoMkhandlu waseZululand uCllr Michael Khumalo ngesikhathi ethula inkulumo.

AMATSHITSHI abephume ngobuningi bawo ezothamela umcimbi kaMama Mkhonza. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
UMASIPALA waBaQulusi ugubhe usuku lwesikhumbuzo sikaMama uThezile Goodness Mkhonza, ngenxa yaqhaza alibamba, elwelwa Izintombi zaseBaQulusini ukuthi zihlolwe futhi ziziqhenye ngobuntombi bazo, emcimbini eCicil Emmett eVryheid.
UMama Mkhonza wadlula emhlabeni ngonyaka ka-2020, ngesikhathi kuhlasele igciwane iCOVID-19. Ngaleso sikhathi kwakungavumelekile ukuhlanganyela kwabantu abaningi endaweni eyodwa, okwenza kwaba yisilonda kubantu ababesondelene noMama Mkhonza, kusukela ezintombini ayezikhulisa kanye noNomehlo ayebaphethe.
Lo mcimbi wesikhumbuzo sakhe ube yimpumelelo, futhi wasula izinyembezi kwabaningi, ngisho nomndeni wakhe.
Zonke izikhulumi ziveze ukuthi likhulu iqhaza alibamba kulendima, kubonge ngisho abaseNdlunkulu kaZulu.
Lo mama waklama indima enkulu ukuvuselela isiko lokuhlolwa kwezintombi, njengoba manje amatshitshi aseBaQulusini uma eya kuMkhosi woMhlanga ngoMandulo, ekhishelwa amabhasi ayishumi nesikhombisa, aphinde alungiselwe nomphako wendlela nguMasipala waBaQulusi. Konke lokhu kwasungulwa kukhona yena uMama uMkhonza ngonyaka ka-2006.
Lokhu kwakwenzeka uCllr Michael Khumalo eseyiKhansela kuMasipala waBaQulusi, njengoba manje esenguMeya wesiFunda iZululand, aphinde abe ngomunye wabadidiyeli bamaButho kaZulu, owabanika amabhasi ayisithupha kanye nezikibha ngaleso sikhathi.
“Ngasebenza kahle kakhulu nomama uMkhonza futhi ngiyafisa ukuthi kusikwe iphethini kuyena. Likhulu kakhulu iqhaza likaMama uMkhonza ezintombini nakoNomehlo baseBaqulusini naseZululand yonkana, futhi akekho oyolivala. Lobu buhle bokubona izintombi zaseBaQulusini ziviliyela kahle kanjena konke kungenxa kaMama uMkhonza. Kuyajabulisa ukubona isiko lokuhlolwa kwezintombi likhula futhi lihlonishwa ngendlela emangalisayo,” kusho iMeya uCllr uKhumalo.
Kulomcimbi bekunandisa uDumakahle, uMfoka Msezane, uMcebo kanye noMc Modelkazi.
