I-DA IFUNA KWEHLISWE IZINDLEKO ZAMANZI NOGESI KUBANTU ABADALA

UMNUZ Haniff Hoosen ekhuluma nabantu abadala eTrenance Park, ePhoenix, ngezindleko ezikhuphukayo zamanzi nogesi.ISITHOMBE: KZNDA
LINDELWA MAGWAZA
UMHOLI we-Democratic Alliance (DA) eThekwini, nogaqele isikhundla sokuba iMeya yeTheku uMnuz Haniff Hoosen, uthe abantu abadala akufanele baphoqeleke ukuthi bakhethe phakathi kokukhokhela amanzi nogesi, noma ukuthenga ukudla nemithi ngenxa yokwenyuka kwezindleko zokuphila.
Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabantu abadala eTrenance Park, ePhoenix, lapho izakhamuzi ziveze ukukhathazeka ngokuthi impesheni yazo ayisakwazi ukubhekana nezindleko zezinsiza zikamasipala nezidingo zansuku zonke.”Abantu abadala akufanele baphoqeleke ukuthi bakhethe phakathi kokukhokhela amanzi nogesi noma ukuthenga ukudla nemithi.
Ngemuva kweminyaka besebenzela leli dolobha, bafanelwe ukuphila ngesithunzi,” kusho uHoosen.Uthe umasipala kufanele ubeke phambili ukulungiswa kwengqalasizinda, unciphise ukulahleka kwamanzi futhi uphathe kahle izimali zomphakathi ukuze kwehliswe umthwalo obhekene nezakhamuzi. “Abantu abadala abakhele leli dolobha bafanelwe umasipala obahloniphayo, ngokubahlinzeka ngezinsiza ezithembekile nangokuphatha imali yomphakathi ngendlela efanele,” kuphetha uHoosen.
