Uncategorised

KUVULWE ISIKHUNGO SOKUKHUSELISA IZISULU

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga ngesikhathi enikela ngokusemthethweni isikhungo esizosiza izisulu ezihlukunyezwayo. Isithombe: KWANDA MAKHOBA

NOMCEBO NGEMA

UNXUSA amalunga omphakathi ukuthi aseke izisulu eziphumela obala ngokuhlukumezeka kwazo, ngale kokufuna izizathu zokuthi kungani zihlukunyezwa. Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngesikhathi ethula isikhungo eThekwini, eBluff esizolekela abantu bakulesi sifundazwe abahlukumezekile.

Lesi sikhungo siqanjwe ngokuthu i-VZ KaMagwaza-Msibi Khuseleka One Stop Centre, okungumsunguli weqembu lezepolitiki, iNational Freedom Party (NFP) uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi ongasekho emhlabeni.
UNgqongqoshe uthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane akuliwe nakho nsuku zonke onyakeni. “Izisulu aziphumele obala kudingeka ukuthi zisekwe, singazijaji futhi singafuni ukwazi izizathu zokuthi kungani zihlukunyezwa. Ngimema wonke umuntu ukuthi asondele ukuze kuliwe nalolu bhubhane. Abantu baKwaZulu-Natal kufanele bazishaye isifuba ngokuba nalesi sikhungo ngoba sivuleleke kuwona wonke umuntu wesifazane, abesilisa, abaphila ngokukhubazeka kanye nabathandana nobulili obufanayo,” kusho uNgqongqoshe uShinga.

Uqhube wathi izisulu ezizoba kulesi sikhungo zizothunyelwa imkhandlu ezikuyona uma isimo siphuthuma okanye sibucayi kakhulu.
Ube esebonga umndeni wakwaMagwaza ngokuvuma ukuthi basebenzise igama likaNkk Magwaza-Msibi ukuqamba lesikhungo. “Ngibonga kakhulu kumndeni ukuthi usivumele sisebenzise amagama alengqalabutho. Thina bantu besifazane esiza emvakwakhe siyaqhubeka nokuma kumahlombe akhe ayebanzi ngoba kuningi esakufunda kuyena, uthando lwakhe lwabantu lwalungafaniswa nalutho futhi wayesiza wonke umuntu ngenhliziyo emhlophe ngale kokubheka ukuthi uyiliphi iqembu,” kuphetha uNgqongqoshe uShinga.

Lesi sikhungo sinazo zonke izinsiza, abahlengikazi, osonhlalakahle nokunye okuningi. Izisulu zizokwazi ukuthi ngesikhathi zingaphakathi zilwa nokuphola, zibe zicijwa ngamakhono ahlukahlukene ziphume ziphethe okuthile okuzothuthukisa izimpilo zabo.