I-DA IPHINDE YAFOLOSA NGO-CHRIS PAPPAS EMNGENI

UCHRIS Pappas uphinde waqokwa ekungeneleni esobumeya kuMasipala waseMngeni, kulolu ukhetho lwasekhaya lakulo nyaka. ISITHOMBE: LINDELWA MAGWAZA
LINDELWA MAGWAZA
IDEMOCRATIC Alliance (DA) KwaZulu-Natal iphinde yaqoka uChris Pappas, ukuthi aqhubeke abe iMeya kaMasipala waseMngeni, ngesikhathi kunomhlangano, lapho amalungu evotele iMeya uCllr uPappas ukuthi aqhubeke esikhundleni sokuhola lo Masipala.
UPappas uthole ukwesekwa kakhulu yiqembu lakhe le-DA, izisebenzi zikaMasipala namalunga omphakathi awuhola njengeMeya. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngemuva kokuqokwa ihlandla lesibili uCllr uPappas, ubonge iqembu lakhe iDA nomphakathi ngokumethemba ukuthi aqhubeke nokusebenza njengeMeya. Uthi uzimisele ukuqhubeka nokuletha izidingongqangi emphakathini nokugcina izinga lokuphatha eliqotho.
“Ngiyabonga ukuthi ni niphinde ningethembe. Lokhu akusikho ukunqoba kwami kuphela kodwa kuwukunqoba kwabantu baseMngeni. Ngizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze silethe izinsiza futhi sakhe umasipala osebenzela wonke umuntu,” kusho uCllr uPappas.
Amalunga e-DA athi ukukhethwa kabusha kukaPappas kuwubufakazi bokuzethemba anakho ebuholini bakhe nasekuphathweni kukaMasipala waseMngeni.UMasipala waseMngeni uzoqhubeke nokusebenza ngaphansi kobuholi buka-Cllr uPappas njengoba ezoqhubeka nokugxila ekulethweni kwezidingo zomphakathi, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda nokudala amathuba emisebenzi kubantu bendawo.
