Uncategorised

KWETHULE EZIYI-26 ZOKULWA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NEZINGANE

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izinsuku eziyi-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane . ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA

NOMCEBO NGEMA

UPHUZO oludakayo kanye nezidakamizwa kunomthelela omkhulu ekuhlukunyezweni kwabesifazane nezingane, njengoba Kubikwa ukuthi izigameko eziningi zenzeka ngemva kokuthi umuntu esebenzise izidakamizwa.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni umkhankaso wezinsuku ezi-16 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, Marine Building, eThekwini namuhla.
Lo mkhankaso wenziwa kusukela mhla ziyi-25 kuLwezi uze uvalwe mhla ziyi-10 kuZibandlela. UNdunankulu uthi akubona kuphela abesifazane nezingane abahlukumezekayo kodwa kukhona nabesilisa abagcina bezisulu zakho ukuhlukunyezwa.
“ Izibalo ziphezulu kakhulu zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane lapha esifundazweni. Iningi labo liyanukubezwa, lilinyazwa abanye begcine belahlekelwa imiphefumulo yabo. Lo mkhankaso sizophinde siwethule kusasa eSishayamthetho ukuze kuzobambisana nawo wonke umuntu kuliwe nalesi nalesi sihlava. Sikhathazekile kakhulu ngezibalo eziphezulu kakhulu lapha eThekwini, iseMgungundlovu, ku-Ugu kanye naseKing Cetshwayo zabantu abayizisulu zokuhlukunyezwa,” kusho uNdunankulu.
Uthi njengohulumeni banxusa wonke umuntu okubalwa abamatekisi, amabandla, amakhosi aseNdlunkulu, izinduna, abaholi bonke, isemndenini kanye nemiphakathi ukuthi makusukunywe kuliwe nalesihlava.