UKHALA NGOKUHLUKUMEZEKA OWOMKHOKHA

UMbali Ngiba owayelingisa indawo kaZodwa kumdlalo owaphela uMkhokha. ISITHOMBE: GOOGLE
AKHONA DLAMINI
UMLINGISI womdlalo kamabonakude uMkhokha uMbali Ngiba, ugonyuluka ngokuhlukumezeka kwakhe kanye nokubukelwa phansi ngesikhathi beqopha lo mdlalo.
Lokhu ukuveze ngesikhathi enenkulumo-ngxoxo kuhlelo i-Engineer your life with Lungelo KM.
UMbali uveze ukuthi wahlukumezeka kakhulu kulo mdlalo, kangangokuba njalo mayebuya emsebenzini ubehlezi ekhala, uthi konke lokhu bekwenziwa abalingisi abazana nabaphathi.
Uthi bekungeke kube lula ukubika ngoba bekungagcina kunguye olahlekelwa umsebenzi.
“Mina ngahlukumezeka ngiqala ukuqopha lowa mdlalo waze wayophela, ekuseni bengivuka ngiye emsebenzini ngenze engathi akwenzekanga lutho ngayizolo. Kuyenzeka futhi nivezwe njengabantu abayizithandani noma abangumndeni emidlalweni, kodwa nibe niyinkukhu nempaka. Ilokho ebekwenzeka kumina,” esho.
Uphinde wanxusa abalingisi ukuthi babambisane ekulweni nalesi sihlava.
