Uncategorised

LUSEZITHEBENI OLWENKINGA YAMANZI EZINDAWENI EZAKHELE IRICHMOND

IMEYA uCllr Mmeli Ngcongo bevakashele izindawo ezinenkinga yamanzi eRichmond.

IMEYA yesiFunda uCllr Mzi Zuma ozifikele mathupha ezobona inkinga ebhekene nomphakathi. IZITHOMBE: RICHMOND MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo ngokubambisana noMkhandlu uMgungundlovu oholwa uCllr Mzi Zuma, bahole ithimba lochwepheshe bahlola inkinga yamanzi ngenhloso yokuthola isisombululo ukuze abahlali bathole ukuhlinzekwa ngamanzi ngendlela efanele.Lokhu kulandela ukukhala ngendlala yamanzi kwamalunga omphakathi eyakhele iNhlazuka, iKwaMshimane, eShiyampahla, eMjintini naseZulwini.

IMeya uNgcongo ithi bavumelene ngokuthi lonke leli sonto kukhona abazolokhu bekwenza kulezi zindawo lapho kucaca khona ukuthi kunezinkinga zamanzi, ukuze imiphakathi igcine iwatholile amanzi. “Sizivakashele izindawo ezinenkinga yamanzi sazibona izinkinga ezikhona. Bengingahambi ngedwa kodwa bengihamba neMeya yesiFunda uNxamalala, nonjiniyela, noplumber sivumelene ngokuthi lonke leli sonto kukhona esizolokhu sikwenza kulezindawo okucaca khona ukuthi kunezinkinga zamanzi,” kusho iMeya uNgcongo.