
KUPHAZAMISEKE UKUFUNDA E-WESTMEAD SECONDARY SCHOOL KUHLASELANA ABAFUNDI

ESIKOLENI iWestmead Secondary School ngenkathi kuqhubeka udlame phakathi kwabafundi
ISITHOMBE: FACEBOOK
OWAMI THABETHE
KUGCWALE amaphoyisa esikoleni samabanga aphezulu, iWestmead Secondary School eNazareth, ePinetown, ngoLwesine ekuseni, ngemuva kokuthi abafundi bakhiphelane izikhali.
Kuthiwa abafundi baphazamise ukufunda ngenkathi bejahana ngezibhamu nemimese kuliwa.
Kulezi sigameko
kusolwa umbango wezidakamizwa. Kuthiwa othisha bazamile ukulawula isimo kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya, okuholele ekubizweni kwenqwaba yamaphoyisa ukuba ezolamula.
Okhulumela amaphoyisa ePinetown, uColonel Ronnie Heeralall, uthe siyamkhathaza lesi senzo, ngoba sekuwumkhuba osuvamile ezikoleni kulesi sifunda.
“Usuvamile umkhuba wokuhlaselana kwabafundi ezikoleni zakulesi sifunda, ngikhuluma nje ekuqaleni kwaleli sonto abafundi besikole esingekude nalesi, iMarinaridge Secondary School, basinqonqise ngomlilo sasha saphela, kodwa sizosebenza kanzima ukuqeda le migulukudu egcwele ezikoleni ephazamisa ukufunda,” kusho uHeeralall.
