Izindaba

INDIDA KUTHOLAKALA UMFANA ESESHONILE OBENYAMALALE EGCEKENI

OWAMI THABETHE

USADIDEKILE umndeni ka-Athandwa Mathe oneminyaka eyi-8 wakwaBB eMlaza, otholakale ehlathini eseshonile, ngemuva kokunyamalala ekade edlala egcekeni kubo.
Lo mfanyana kusolakala ukuthi ubulawe ngenyanga eyedlule mhlaka 27 KuNcwaba, njengova6.
Umndeni, uthe u-Athandwa wagcinwa ukubonwa ngeSonto ekuseni.

“Saqala ukumbheka, kwathi ngemuva kwamahora amathathu kwatholakala isidumbu sakhe ehlathini elibuqamama nasekhaya”,kulandisa ilunga lomndeni.

Umndeni uthe ufuna ubulungiswa futhi unxuse amaphoyisa ukuthi enze uphenyo olunzulu ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni.
Uthe kufanele kuhlolwe namavidiyo noma amakhamera e-CCTV angaba khona kule ndawo, kuphinde kuxoxwe nabantu abangaba nolwazi ngalolu daba.
Umndeni unxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuphenyweni kwaleli cala ukuba aludlulisele emaphoyiseni.

Icala livulwe esiteshini samaphoyisa eBhekithemba.