Ezobumnandi

UMAWELELE UPHINDE WAHLANGANA NO-KWESTA UKWENZA INONI

UMCULI we-Afro pop uMawelele. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMCULI we-Afro Pop uMawelele noMrepha uKwesta bapheka ulozolo lwengoma ethi ‘Ngiyaz’fela’, okuyingoma yesibili eyenza ndawonye noKwesta, njengoba phambilini
bakhipha eyokuqala eyathandwa kakhulu ethi: ‘All My Life’ .

UMawelele uthe ujabule ngokuphinda asebenze noKwesta, wathi le ngoma uhlose ngayo ukukhumbuza abantu ukuthi bakholelwe othandweni, futhi bangabi namahloni okuveza imizwa yabo.

“ Le ngoma ihlanganisa isigqi se-R&B kanye ne-Afro-pop, ididiyelwe nguKinglee Beats, ikhuluma ngothando nokubaluleka kokukhuluma ngemizwa uma ungumuntu. Igcizelela kakhulu ukungazenyezi ngemizwa yakho. Ngijabule kakhulu ukusebenza noKwesta njengoba ingoma yethu yokuqala yaba impumelelo,” kubeka uMawelele.

Uqhube wathi le ngoma iyona azofolosa ngayo kwi-albhamu yakhe entsha, azoyikhipha ngasekupheleni kwalo nyaka.

Kuzokhumbuleka ukuthi ingoma kaMawelele noKwesta yokuqala, yalalelwa abantu abayi-19.7 m kuSpotify, ama-views abangaphezulu kuka-23m kuYouTube, yaba nomthelela wokuthi uMawelele ahlabane ngendondo yamaMetro FM Award yeBest R&B Song.