
UDUDUZILE UKHATHAZEKILE NGAMAPHOYISA AGXAMBUKELA KWEZOMNDENI NE-MKP
OWAMI THABETHE
USEKHIPHE isexwayiso esinzima isibhekise kuMajor-General Wally Rhodes, uDuduzile Zuma-Sambudla, kulandela ukungagculiseki ngokuphepha kukayise uMnuz Jacob Zuma.
Le ndodakazi kalowo owayenguMengameli wakuleli, ibhaleleophethe ezokuphepha kwezicukuthwane, ithi ihhovisi lakhe lizophendula uma kukhona okubi okwenzeka kuyise.
Ngokombiko we Sunday Times, uDuduzile uzwakalise ukukhononda ngokusebenza kophiko oluvikela uyise, esola ukuthi kukhona ukugxambukela kwezombusazwe, ukulawulwa kwabantu abavunyelwe ukumbona kanye nokungahleleki kwezokuphepha.Ukhale ngamaphoyisa aqaphe uyise asengene shiqe ezindaba zomndeni neMKP, atholakala esephawula ngezindaba ezibucayi engahlangene nawo.
“Uma kukhona okungenzeka kubaba mina ngizobhekana nawe ngqo nehhovisi lakho ukuthi uchaze”, kusho uDuduzile.Uphinde waphakamisa ukukhathazeka ngokwelashwa kukaZuma, esola ukuthi kungenzeka anikezwe imithi nemijovo ngaphandle kolwazi lodokotela bakhe abajwayelekile ngenxa yokungaqini kwezokuphepha ezimuqaphile.
Lesi sikhalo siphume ngesikhathi uZuma esanda kulaliswa esibhedlela eMgungundlovu exinekile. I-MK Party ithe usekhishiwe esibhedlela futhi uphilile , nakuba eminye imithombo ibike ngokuhlukile ngesimo sakhe sempilo.
Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa awaphawuli ngezindaba zokuphepha ezithinta omengameli bamanje noma bakudala.
“Ezokuphepha ezibhekelele omengameli bezwe azikho ngaphansi komsebenzi wethu ngakho angeke siphawule lutho ngalezi zinsolo” , kusho uMathe.
