Uncategorised

I-CHIEFS NOMDLALO WOBUNGANI ETHEKWINI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

EZIMNANDI kubalandeli beKaizer Chiefs njengoba bezothola ithuba lokubona kuqala izinduku ezintsha ngaphambi kokuqala kwesizini yeBetway Premiership ka 2025/25.
Labo mpetha beNedbank Cup bamemezele ukuthi bazodlala owokungcweka ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Ngonyaka odlule iChiefs yadlala kulo mqhudelwano yabhudluzwa ngo 4-0 iYoung Africans yaseTanzania emdlalweni wokuqala womqeqeshi uNasredine Nabi. UJesscica Motaung oyisikhulu esiphezulu kwezokumaketha kwiChiefs uthe. “Kuyintokozo ukumemezela ukuthi sizodlala ne-Asante Kotoko okuyiqembu esesike sadlala nalo ngaphambilini kwiVodacom Challenge. Ngikhumbula ukuthi kunabadlali esabasayina kuyona ngemuva kokuzwana amandla nayo. Lo mqhudelwano muhle kakhulu njengoba abadlali bazobe bezibonakalisa ukuthi baphetheni. Kuyinto emnandi ukuzodlala ne-Asante nayo izodlala kwiConfederations Cup kanti ngikholwa ukuthi sizohlangana nayo ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMotaung.
I-Asante seyinqobe isicoco seGhana Premier League amahlandla ayi-25 kanti isanda kuphakamisa indebe ye-FA Cup ngemuva kokuguqisa iGolden Kicks ngo 2-1.
Abalandeli beChiefs sebemagange ukubona abadlali abasha ukuthi bazoyenzelani. Kwabasayiniwe kunoPaseka Mako noThabiso Monyane abathathwe kwi-Orlando Pirates no-Ethen Chislett obedlala e-England. IChiefs imatasa ilungiselela I pre-season camp eHolland eqala ngesonto elizayo.