AMAZULU ASENGEZE ITHIMBA LABAQEQESHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
AMAZULU asengeze ngoSimo Dladla ethimbeni labaqeqeshi eliholwa ngu-Arthur Zwane.
UDladla usanda kuhlukana neDurban City ayikhuphulele kwiBetway Premiership isuka kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).
Ukuhlukana kukaDladla neCity kwethuse abaningi kwazise bekulindeleke aqhubeke nomsebenzi oncomekayo.
Kodwa abaphathi beCity baveze ukuthi bafuna umqeqeshi onesipiliyoni sokuyibamba ishisa kwiPremiership.
Nokho AmaZulu awakasenzi isimemezelo esisemthethweni kodwa leli phephandaba lithole ukuthi uDladla useqalile ukusebenza naleli qembu eliyintandokazi KwaZulu-Natal.
UDladla, oseqeqeshe isikhathi eside kwi-MFC, okuyisigaba esingaphansi kwePremiership, uzovala isikhala sikaVusi ‘Kanu’ Vilakazi, owashiya iqembu ngezizathu ezingakaze zidalulwe. UZwane ubesesebenza no Siboniso Vilakazi kuphela njengomsizi wakhe.
UZwane, ulandwe engumphathi wabaqeqeshi abancane kwiKaizer Chiefs, ufike wasebeza kahle njengoba eqedise AmaZulu endaweni yesithupha kwi-log okuchaza ukuthi izodlala kwi-MTN8 ngaphambi kokuqala isizini.
UDladla akamusha oSuthwini njengoba wake waludlalela engumgadli walo eminyakeni edlule. Ephawula ngokubuyela ekhaya, lo mqeqeshi odabuka KwaNyuswa uthe.
“Ngiyajabula ukuba ingxenye yeqembu elikhulu njengaMaZulu FC. Ngithembisa ukusebenza ngokuzikhandla ukuphakamisa leli qembu lizuze okuningi.
