Uncategorised

BELULE ISANDLA ABAGIBELI BEZITHUTHUTHU KWAMASHU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

BEKUKUHLE kudelile amadlelandawonye okuyinhlangano yabagibeli bezithuthuthu beyonikela KwaMashu Christian Day Care Center.
Le nhlangano ithe inhloso ukubuyisela emphakathini, ukuze benze umuhluko ezimpilweni zabantu.
UMengameli wale nhlangano u- Ayanda uthi ayikho into ebajabulisa. Njengokubona kukhons ukwenza umuhluko ezimpilweni zabantu.
“ Siyinhlangano yezithuthuthu KwaZulu-Natal, sihlale phansi sabuka ukuthi yini esingayenza ukubuyisela emphakathini. Sibe sesivumelana ukuthi asibheke izindawo ezihlala abantu abaswele namakhaya abantu abadala ukuze silekelele,” esho.
Uthi ngaphambi kokuthi baye kule ndawo, baqale babheka izinto abazidinga kakhulu, okube izicabha, upende nokunye.