Uncategorised

I-CHIEFS ISILAGXAZWE U-KAPTENI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

LOWO obengukapteni weKaizer Chiefs uYusuf Maart usethole ikhaya Elisha njengoba esezogijima kwi-SV Ried 1912 esanda kukhushulelwa kwi-Austrian Bundesliga.
Kuphele isizini edlule kunokungabaza ngekusasa likaMaart njengoba iChiefs ibingakaze iziqale izingxoxo zokuvuselela inkontileka yakhe. Kuleli qembu lase Austria uMaart uzofica u-Antonio van Wyk, obedlala kwiStellenbosch FC. Kuthiwa uMaart, owake wadlala kwi-Orlando Pirates neSekhukhune United, usazama ukuhlanganisa indaba ye-visa ukuze ayokwazi ukuhlangana nozakwabo abasha njengoba bematasa kwi pre-season camp ngaphambi kokuqala kwesizini.
UMaart ushiya iChiefs eseyisebenzele kahle njengoba iqede isizini ingompetha beNedbank Cup ngemuva kokucoboshisa izimbangi zase Soweto iPirates kwifayinali eyayiseMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Njengamanje iChiefs ibambe ikhempu eNetherlands lapho ijoyinwe inqwaba yabadlali abathengwe ngenhloso yokuqinisa iqembu bese lifaka ukushisa ezimbangini ezinjengeMamelodi Sundowns esizidlele amahlanga amasizini angaphezulu kwamahlanu ngesicoco seLigi.