Uncategorised

USEPHENDUKE UMZONDO NAKUDADEWABO U-MAMKHIZE

USHAWN Mkhize nodadewabo omdala uNozipho Nguse ngezikhathi kusemnandi.


UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ZILOKHU ziqonge njalo izinkinga zikasomabhizinisi waseThekwini uShawn Mkhize njengoba sekuvela ukuthi wantshontsha i-signature kadedewabo uNosipho Ngubo ngesikhathi ethenga iqembu lebhola i-Royal AM nangesikhathi esevula enye inkampani.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMaMkhize uke waba sematheni ngesikhathi abaqoqi bentela u-SA Revenue Services umphuca izimoto nezimpahla ngoba ehluleka ukukhokha isikweletu sikaR40 million. Izimoto zakhe zikanokusho zisanda kushaywa indali esidlangaleni.
Ngokubika kweCity Press, uNosipho ufake u-SARS enkantolo ngemuva kokuthi le nkampani ithathe izimpahla ngenxa yokukweleta uR12 million.
U-SARS usubambe izimpahla zikaNosipho kanti ama-bank account nakamkhwenyana wakhe uMvusi, asamisiwe ukusebenza. Esitatimendeni esifungelwe enkantolo iDurban High Court ngo July 02, 2025, uNosipho uveza ukuthi uMaMkhize wabhalisa iRoyal AM nenkampani iLungza Management Consultants engamazisanga yena. Uthe ukholwa ukuthi wenza lobu shompeshompe ngesikhathi esagula ebanjwe phansi isifo esasihlobene ne-COVID-19 ngonyaka ka- 2020. ‘Ngifuna ukukucacisa ukuthi angihlangane nezinkampani Igugu Logcwabe Business Enterprise, Ukwakhiwa Group neMamkhize Foundation, kodwa igama lami belisetshenziswa ngingazi.,” usho kanje.
Kukholakala ukuthi uMaMkhize ubesebenzisa udadewabo njengomnikazi walezi zinkampani ngoba efuna owayengumyeni wakhe uSbu Mpisane engahlomuli kakhulu njengoba bese bedivosa.