INGWADLA KUZIME OSOLWA NGOKUBA KULELI NGOKUNGEMTHETHO

UCHIDIMMA Adetshina onguZime, osolwa ngokuba kuleli ngokungemthetho.

ISITHOMBE sikaChidimma esemncane efunda eNigeria. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UBHEKENE nengalo yomthetho, uZime waseNigeria uChidimma Adetshina osolwa ngokusenga ezimithiyo ngobuzwe bakhe. UChidimma unguMiss Nigeria Universe, kuputshuke isithombe sakhe esemncane esikhombisa ukuthi wafunda imfundo yamabanga aphansi eBambi, okuyisikole esisenhloko dolobha yaseNigeria, eLagos.
Lesi sithombe sesiqubule imibuzo eminingi ngokuzalwa kwakhe njengoba yena waveza ukuthi wazalelwa kuleli, wakhulela kuleli. Umbuzo abantu abazibuza wona manje ukuthi ngabe le ntokazi yasenga ezimithiyo ngobuzwe bayo ngoba ifuna ukuhlala kwelakuleli. Kungenzeka yini ukuthi yazalelwa eNigeria, yase ifudukela kuleli okuyilapho abazali bayo bayenzela khona umkhonyovu wokumfaka kuleli?
Kuphinde kwavela ukuthi lo Zime ugqigqa enkantolo, ubhekene ngeziqu zamehlo noMnyango wezaseKhaya kuleli, othathe isinqumo sokuthi umbuyisele eNigeria ngoba uhlezi kuleli ngokungemthetho.
