IZOTHATHWA BHAMAMA EYE-PREMIER’S CUP KWI-ROYAL AM

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
umusamedia1@gmail.com
IZOHLWITHWA belele ngesisu indebe yeKZN Premier’s Cup, kulandela ukukhungathwa yizinkinga komnikazi wayo, okwenze kwagcina imisiwe.
Leli qembu lebhola likaMaMkhize lilele ulwembu nendebe eliyinqobe ngonyaka owedlule lidlula kwi-Maritzburg United esiyiDurban City nayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM inkankwe zinkinga ngenxa yokuthi umnikazi wayo uke waba necala kodwa wadaza inkani ukuyilungisa ngokuxolisa kwiPSL ngokwephula imigomo ethize.
Kuthi kusabhulwa lowo mlilo laphinda yagaxeliswa umnikazi wayo uMaMkhize egijinyiswa abaqoqi bentela u-SA Revenue Services, bamphuca izimoto nezimpahla ngoba ehluleka ukukhokha isikweletu sikaR40 million.
Izinkinga yizona ezokwenza iRoyal AM ihlwithwe iguqile indebe ngale yokuvikela.
IPremier’s Cup kulo nyaka izodlalelwa ezinkundleni zemidlalo eMhlathuze Complex Stadium kusukela ziyi-26 kuya ku-27, idlalwa amaqembu amathathu akwiPremiership AmaZulu FC, Richards Bay FC neLamontville Golden Arrows kanye nadlala esigabeni esingaphansi iMilford FC, iDurban City FC neMidlands Wanderers
