Uncategorised

OWEZOKUPHEPHA ULWA NOBUGEBENGU NGEMIDLALO

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
Umusamedia1@gmail.com

UKUQONGA kobugebengu ikakhulukazi okugcina kudalwe ukudliwa kwezidakamizwa, sekuholele ukuthi uMnyango wezokuPhepha nokuXhumana noMphakathi usungule imidlalo ukunqanda ubugebengu.
UNksz Nokuthula Khanyile uthi le midlalo ebizwa ngeSports against Crime iqale ukwenziwa eMehlomnyama ePortshepstone, kodwa izokuba wumkhankaso ozoba kubo bonke omasipala.
“Okufike kwabonakala ukuthi ubugebengu obuningi kutholakale ukuthi benzeka kakhulu uma abantu bedle izidakamizwa. Kubulawe abantu eMlaza okwatholakala ukuthi abenzi bobubi bebedle izidakamizwa. Udlame lwasekhaya olubhekiswe kwabesifazane nezingane nalo esikhathi esiningi kusuke kunomthelela wezidakamizwa,” esho.
Uthi loMnyango wezokuPhepha nokuXhumana noMphakathi oholwa uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli noMnyango ube usuhlangana noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko oholwa uMntomuhle Khawulwa, ukuze kuliwe nobugebengu ngokwenza imidlalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi le ndawo ike yahlonzwa njengendawo enamacala aphezulu okuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane.