ELIKA-MAKHANYA LINQOBE KOWE-US OPEN CUP

MALIBONGWE MAZIBUKO
OWASE-MZANSI unqobise iqembu lakhe lase-United State of America, sekuvalwe amehlo, kungekho efuna ukugoba uphondo.
U-Olwethu Makhanya uphenduke isilomo ngesikhathi iqembu lakhe iPhiladelphia Union eligijima kwiMajor League Soccer yase United States of America, eshaye igoli elinqobisa kwi-US Open Cup, beshaya iNew York Red Bulls.
Lo mdlalo wamaQuarter Finals ukudwadleka kwakhe ibhola enethini bekuqinisekisa ukuthi badlulela kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.
Lomdlali oneminyaka engamashumi amabili nanye (21), ubedlalela obedlalela iStellenbosch FC, ushaye igoli lokuqala kulo mqhudelwano ngomzuzu ka-89, benqoba iNew York Red Bulls ngamagoli amathathu kwamabili.
“Ngiyabonga kakhulu ngokuba nami uyazi ukuthi kuhlale kukuhle ukushaya amagoli abaluleke kangaka futhi ukwazi ukufaka isandla empumelelweni yeqembu ngakho. Ngizizwa ngijabule ngempela ngaleli egoli ngiyaziqhenya ngami futhi kusobala umsebenzi iqembu eliwenzile umdlalo wonke”.kusho uMakhanya ngemva komdlalo.
IPhiladelphina izophinde ibhekane ne New York Red Bulls ngesonto mhlaka 17 ku-Agasti uma kugamanxa ihora lokuqala ekuseni eSports Illustrated Stadium kumdlalo we Major League Soccer.
