Uncategorised

KUVULEKE IKHASI ELISHA NGONDLUNKULU KOWABESIFAZANE

ANELE ZUMA

KUVULEKE elinye ikhasi ngesikhathi abesifazane abangondlunkulu bebhoboka ngezingqinamba amabhekana nazo nsuku zonke, kumcimbi wabesifazane Ondlunkulu Dialogue obuhlelwe uMasipala waseNkandla, e-Aloe Lifestyle Hotel izolo.

Ondlunkulu bathole ukubhoboka ngesikhathi uMasipala waseNkandla ubanika ukuthuba lokwabelana ngolwazi, ukubhoboka ngezingqinamba ababhekana nazo nokuqhamuka nezindlela zokuthuthukisana emikhakheni eyahlukene nokuqhamuka nezisombululo nokuqhamuka nezindlela ezihambisana nesikhathi esikuso.
IMeya yaseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza uthe, ziningi izinto abesifazane abangabaholi ababhekana nazo kodwa abanalo ithuba lokwabelana nabanye.
“Kuhle ukuthi abesifazane bangcele imibele isagwansile kubaholi besifazane noNdlunkulu. Sinezinjulabuchopho zondlunkulu abangosomabhizinisi esifisa ukuthi baphonse esivivaneni ulwazi lwabo ukuze kuzothuthuka nabanye besifazane,” kusho iMeya uNzuza.
UNdlunkulu Sizakele Sthole-Biyela (osesithombeni ngenhla) obeyingxenye yephaneli ukuthakasele kakhulu ukuthi abengomunye, ozophakela ulwazi kwabesifazane.
“Ngizizwa ngithobekile kakhulu ngokuthola leli thuba. Ayikho into ebalulekile njengokwenza umuhluko komunye wesifazane. Kungenze ngazizwa ngicebile enhliziyweni nasemoyeni, ukuzotshala ulwazi kwinzalabantu ngenhloso yokuthuthukisana nokukhulisana,” esho.