Uncategorised

UDOKOTELA ULAXAZE UKUSEBENZA NGENXA YENTSHA

LWAZI CELE
UKUBA bentshisekelo yokulekelela iitsha yangakubo ekufezeni amaphupho ayo, kwenze uDkt Phungula alaxaze umsebenzi esibhedlela eMshiyeni.
UDkt Xolani Phungula oneminyaka eyi-32, ubhoboke kuleli phephandaba ukuthi, ukungasitholi isikhathi sokusiza intsha, yisona sizathu esenze walaxaza ukusebenza esibhedlela, waqoma ukuzimela.
Le nsizwa esencane ethole iziqu zobudokotela e- eQuebec, isike yasebenza ezibhedlela zikahulumeni okubalwa eMshiyeni Momorary Hospital okuyisibhedlela esiseThekwini eMlaza, naseMontebele Hospital eNdwendwe.
“Ngayeka ukusebenza ngase ngaqala ukuzisebenza ngavula sugary iNtandokazi Medicare Dr Xolani Phungula khona eHighflats edolobheni, konke lokho kwakusayimpokophelo yothando lokusiza umphakathi,” esho.