Uncategorised

KUBOSHWE OYINKOSI KWEZAMATEKISI U-JOE SIBANYONI

UJOE Sibanyoni owaziwa kakhulu ngelika-Ferrari, odume ngokuba namandla kwezamatekisi.

KUGASELE amaphoyisa ophiko lobugebengu obuhleliwe emzini kaJoe Sibanyoni eCenturion ezomubopha. IZITHOMBE: FACEBOOK

PHUMELELE DLAMINI

KUGASELE amaphoyisa ophiko lobugebengu obuhleliwe phakathi kwamabili ekuseni namuhla, ukuzonopha uJoe Sibanyoni, odume kakhulu ngelikaFerrari emzini wakhe eCenturion, eTshwane. USibanyoni unguSihlalo uPhethe iTaxi Choice uboshwe nabanye abasolwa ababili, kulandela izinsolo zokuphanga nokukhwabanisa izimali kosomabhizinisi basezimayini, eKwaagafontein.

Ukuboshwa kukaSibanyoni kuvuse nezindaba ezavela kwiKhomishana kaMadlanga, ezithinta ukuthi naye uyilungu leqembu i-Big Five Cartel, elisolwa ngobugebengu obuhleliwe.
Imibiko iveza ukuthi ngaphandle kwaleli cala lokukhwabanisa, uSibanyoni usolakala ngokuba nesandla esigamekweni sokushiswa kwamabhasi ePutco ngoMasingana ngonyaka ka-2025, okuwudaba olusaphenywa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo, ukuqinisekisile ukuthi lolu phenyo lwaqala ngonyaka ka-2025, uSibanyoni uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg kusasa.