UBHEKENE NENGWADLA U-SALENG

LINDA XIMBA
KUSAQHUBEKA ‘ukuhlukunyezwa’ kukaMonnapuleng Saleng i-Orlando Pirates okuqubule imibuzo eminingi ngokungadlaliswa kwakhe isikhathi eside ngesizini edlule yize engomunye wabadlali abangaconsi phansi.
USaleng ubolekiswe kwi-Orbert College ekuqaleni kwesizini kodwa osekudumaze abaningi ukuvela kokuthi kunombandela wokuthi angeke akwazi ukubhekana neqembu nePirates. IPirates izokwamukela labo makoti beBetway Premiership e-Orlando Stadium namuhla ngoLwesibili ngo 7.30pm. Abanye abadlali be-Orbit abasuka kwiPirates oThuso Moleleki noYanga Madiba nabo angeke babonakale enkundleni kusasa ngenxa yalo mbandela.
Lo mbandela usuhunyushwe abaningi njengokuqhubeka nokuthikameza uSaleng ekudlaleni ngokukhululeka kwazise usuka ebunzimeni bokubukela ozakwabo beyishukumisa enkundleni. Okwenze waba inyumbazane udaba lokufuna inkontileka enemali engcono kwazise ukholwa ukuthi useliphakamisile igama lakhe futhi waba nesandla ekunqobiseni iPirates inqwaba yezindebe. Lokhu akwehlanga kahle ezikhulwini zeBucs enqume ‘ukumfundisa isifundo’ ngokumvalela ngaphandle, abalandeli bakhala baze baba nesilokozane befuna isilomo sabo sibuyele enkundleni siyokwenza esidume ngakho, ukushaya amagoli.
UMswenko Boys, okuyisidlaliso se-Orbit, njengamanje bahlezi endaweni ka-12 kwi log njengoba sebeqoqe amaphuzu amathathu emidlalweni emithathu ngemuva kokushaya iSiwelele FC base beguqa ku-AmaZulu neSekhukhune United
