Uncategorised

OWE-LION KING UZOHLONIPHA I-MAMBAZO

MABUNHLE MLABA

UMAKADEBONA ongumqondisi womdlalo wasesiteji iLion King uLebo M, uzohlonipha umsunguli weLadysmith Black Mambazo uJoseph Shabalala osadlula emhlabeni kule nyanga yokubungaza amagugu.
ULebo M uhlela idili likamkhipheni lo mculo eDurban Playhouse mhla ka ziyi-24 kuMandulo.
Yize uhlu lwabazonandisa ngalobo busuku lungakaqedelwa kodwa sekuvele amagama abantu abanjengoMinnie Dlamini, Nkosinathi Shabalala, Boity, Khuzani, Big Zulu nabanye abaningi. uLebo M uthi igalelo likaShabalala laba likhulu labeka INingizimu Afrika kwibalazwe. “Ngokwami ukubona siyizwe asiwuboni umsebenzi omkhulu owenziwe ubaba Mshengu ngokuphakamisa igama lakuleli emazweni ngomculo wesicathamiya. Ungomunye wabaculi abanohlonze esibe nenhlanhla yokuthi sibakhiqize bayophakamisela phezulu ifulegi lakuleli emazweni. Ube yivulandlela kubaculi abaningi bakithi ingakho ngibona kumfanele ukuthi ahlonishwe ngalolu hlobo.”
UShabalala, owadlula emhlabeni ngo 2020, uhlonishwa ngeqhaza lokubumba inqanawe yeqembu lesicathamiya ekumanje lizigqaja ngokuhlabana ngamaGrammy Awards amahlanu. Leli qembu lazifaka ebalazweni lomhlaba ngesikhathi licula ndawonye noPaul Simon kanti selike laqopha nabaculi abadumile njengoDolly Parton, Stevie Wonder nabanye.
Kulo mcimbi kulindeleke kutheleke izinkakha zasemculweni, izicukuthwane zakahulumeni nosomabhizinisi abadumile
.