INGCAPHA KUHULUMENI UKUQEDA UBUNTU BOMNTOMNYAMA

UNksz Ndumo uthi kuyichilo ukuthi owesilisa usengabiza isibongo sowesifazane ashade naye. ISITHOMBE :IZIKO ART COMPANY
ZETHU PHOSWA
UKUTHATHA njengechilo elizoqeda ngesithunzi sabamnyama nomgogodla amasiko nemvelo yesizwe esinsundu owesifazane waseNgquza.
UNksz Nomthandazo Ndumo uyiLibrarian eNgquza Municipality obekhulume kumcimbi we-Iziko Art International Book Fair Festival ngoLwesihlanu eCentram Park eThekwini, uthi Lokhu kuphasiswa kokuthi owesilisa usengathatha isibongo sowesifazane, kuyichilo elithunaza amasiko nomgogodla.
“Asizijwayeze nathi ukuba yingxenye yabantu ababambe iqhaza uma kuhlongozwa umthetho. Lokhu kosisiza thina njengendlu empisholo ukuthi sime kulokho okungumgogodla wethu, siphikisane nokudicilela ubuthina, amasiko nokwehlisa isithunzi somuntu omnyama. Lo mthetho uzokwenza isizukulwane esiza ngemuva ukuthi sidideke sigcine sesingamalulwane, “ esho.
Ubonge inkampani Iziko Art ngokuthi iqhamuke nombono omuhle, oqinisekisa ukuthi ulimi nokunotha kwalo akushabalali, okuyizo ezizokwenza isizukulwane esizayo siqonde ukujula, nokunotha kolimi nangendlela izinto ebezifundisa zixwayisa futhi zitusa ukuthi zaqhamuka kanjani.
Uveze ukuthi ukuphela kweziko endlini engasenhla yikona okube nomthelelwa omkhulu ekukhohlweni ubuthina obekwenza sihluke kwezinye sizizwe ezikama ngezandla.
