KONKE SEKUMI NGOMUMO NGOKUBHALA KUKA-MATRIC

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka uthi akusekho ukujikela emvakwendlu kubafundi bakamatikuletsheni. ISITHOMBE DOE
NOMCEBO NGEMA
KONKE sekumi ngomumo ngamalungiselelo ezivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka, njengoba kuzoqala ukubhalwa ngesonto elizayo mhla ziyi-21 kuMfumfu, kuze uphothulwe mhla zuyi-26 kuLwezi.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emahhovisi oMnyango wezeMsebenzi yoMphakathi, eMayville namhlanje.
UNgqongqoshe unxuse imiphakathi nabazali ukuthi baseke abafundi ngalesi sikhathi sezivivinyo. “Ngingakuqinisekisa ukuthi bonke abafundi bakulungele ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngibala abasemazingeni aphansi kanye naphezulu. Bayi- 195 899 abafundi bakamatikuletsheni okulindeleke ukuthi babhale izivivinyo zabo, othisha abazomaka amaphepha bayi-7889. Abazoqapha ukumakwa kwamaphepha bayi- 6450 ezikhungweni zokumaka ezingu- 6712. Zonke izikhungo okugcinwe kuzona amaphepha ziphephile futhi ziqashwe ngeso lokhozi. Bazoqapha ukuhanjiswa kwamaphepha ezikoleni njengoba ezophelezelwa abezokuphepha,” Kusho uMnu Hlomuka.
Uveze ukuthi izikole ezingenzanga kahle ngonyaka odlule zibe nezinhlelo zokucija abafundi, okubalwa amakilasi engeziwe ngosuku kanye nokufunda ngezimpelasonto ukulungiselela lesikhathi. Uphinde waveza ukuthi abafundi abangenabo omazisi ngenxa yezingqinamba bazokwazi ukubhala.
