Uncategorised

UNQATSHELWE IBHEYILI UMCULI KAMASKANDI

UZOPHINDA avele enkantolo mhla-27 kuLwezi 2025 umculi KAMASKANDI. ISITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA

USAZOBHADLA esitokisini umculi kaMaskandi UDlubheke, kulandela ukunqatshelwa ibheyili namuhla.
UDlubheke ogama lakhe langempela uBukelani Khuzwayo, osolwa ngecala lokubulala, uhlangabezane nembibizane ngesikhathi iNkantolo yaseNquthu, yenqaba ukumnika ibheyili.
Lo mculi obebheke ngabomvu ukunikwa ibheyili, kunokuba ayithole ibheyili kodwa kwengezwe amanye amacala okubulala amabili amasha enzeka eGoli. Lamacala engezwe phezu kwalawa ayi-4 asolwa ngawo.
UDlubheke usolwa ngamacala okubulala nawokubamba inkunzi enzeka ngonyaka ka-2023, nalawa amasha engeziwe okudubula abulale enzeka eGoli. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo mhla zingama-27 kule nyanga