U-TONY YENGENI UNGU-SEKELA MENGAMELI WESIBILI KWI-MKP

UMENGAMELI we-MKP uMnu Jacob Zuma emukela ngokusemthethweni uMnu Tony YENGENI. IZITHOMBE:MKP
NOMCEBO NGEMA
UMENGAMELI woMkhonto Wesizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma wethule ngokusemthethweni uMnu Tony Yengeni njengePhini lakhe lesibili.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi leli qembu libize isithangami sabezindaba eThekwini izolo, okuyilapho emethule ngokusemthethweni, wase eveza ukuthi ayikho imibuzo ezobuzwa kuYengeni nabezindaba.
UMnu Tony uveze ukuthi kade ayegudla ngomengameli waleli qembu uMnuz Jacob Zuma, esebuhleni noma esebunzimeni ubelokhu ekhona njalo emeseka.
“uhambo lwami olufushane noMnu Jacob Zuma”.
“leli lizwe linabaholi abazithanda bona okudlula abantu bakuleli. UMnuz Zuma wehlukile kwabanye abaholi, sahlala lapho kukhona inkaba yakhe emakhaya eNkandla. Ubunzima abhekane nabo nokuzinikela kwakhe yikons okukhulise uthando lwakhe kubantu bakulelizwe. Ukhethe ukungawuthathi umhlalaphansi kuleminyaka akuyona kodwa wakhetha ukuqhubeka nokuzabalaza alwele lelizwe nenqubekela phambili yabantu bakulelizwe. Umbono wakhe kanye nobuhlakani bakhe buyaqhubeka nokugqugquzela abantu bakuleli ukuthi bavuke emaqandeni balwele impilo yabo nenkululeko,” Kusho uMnu Tony.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDkt John Hlope nguyena iPhini lokuqala likaMengameli uMnu Zuma.

UMNUZ Tony Yengeni oyiPhini lesibili likaMengameli uMnu Jacob Zuma.
