Uncategorised

UZOPHUTHELWA UMDLALO WE-EL CLASICO OWASE-BRAZIL

UZOPHUTHELWA umdlalo omkhulu we-EL Clasico uRaphinha ngesonto. ISITHOMBE: Flashscore.pt

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMGADLI weBarcelona uRaphinha uzophuthelwa yiClásico yangeSonto bebhekene neReal Madrid ngemuva kokulimala umsipha .
URaphinha, 28, akakaze abonakale selokhu iBarça inqoba iReal Oviedo ngenyanga kaMandulo, kodwa ubuyele ekuzilolongeni kuleli sonto.
Ngokusho kwemibiko yaleli qembu bathi bekulindeleke ukuthi abe sebhentshini eBernabéu kule mpelasonto, kodwa uphinde wathinteka futhi okwenza ukululama kwakhe kuphazamiseke.
UMarc-André ter Stegen, uJoan García, uGavi, uDani Olmo noRobert Lewandowski bonke bazophuthelwa umdlalo weMadrid, kanti uJules Koundé no-Andreas Christensen akukacaci ngesimo sabo njengoba kusanongabazane ngesimo sabo.