IMIBUZO NGOMFANA ODUBULEKE KUBANJWA ISITOLO

UBEKWE izolo endlini yakhe yokugcina uVusumuzi Mbongwa. Isithombe: Facebook
NOMCEBO NGEMA
UTHI ufuna izimpendulo umndeni womfana oneminyaka engama-22 ubudala owadlula washona, ngesikhathi kudubulana onogada nezigilamkhuba ezaziduna isitolo sobucwebe edolobheni eMnambithi, ngoLwesihlanu olwedlule.
UVusumuzi obedume ngelika “Mandanda” Mbongwa wase-Kuvukeni, eMnambithi wadubuleka kulesi sgameko waphuthunyiswa esibhedlela okwafika kwamenela khona.
Ngokombiko Kwelinye iphephanda eliphuma ngeSonto kuthiwa uVusumuzi wayephuma lapho asebenzela khona esitolo eCash Crusaders, eseduze ne- Oval Center branch yase- American Swiss okuyiyona eyayidunwa, waba yisisulu salokhu kudubulana
Izigilamkhuba zakwazi ukuthatha okunye kulesi sitolo.
Umfowabo kaVusumuzi, uThulasizwe Hlatshwayo uthi lesi sigameko sibashiye beshaqekile.
“Siwumndeni kaVusi silimele kakhulu futhi sisashaqekile ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoLwesihlanu. UVusi siphuciwe yena, ubuhlungu esibuzwayo angazi ngingabuchaza ngithini. UVusi ubengumfowethu onothando, eyingane futhi engumngani kubantu abaningi emphakathini. Siyazi abaningi bebemazi, siyabonga amazwi enduduzo nasiqinisa idolo esiwatholayo, lokho kusho lukhulu kithina,” kuphawula uThulasizwe.
Uqhube wathi okwamanje basabhekene nesikhathi esinzima sokuzila nokungakholwa ukuthi lokhu kwenzeke ngempela. Uthi kusenzima ukuthi bamukele ukuthi uVusi akasekho futhi akasophinde abe kanye nabo. “Sicela umphakathi usibekezelele usiphe isikhathi njengoba sisazama ukumukela lezindaba. Siyabonga kakhulu ngemikhuleko yenu kanye namazwi enduduzo. Siyazidinga kakhulu izimpendulo mayelana nokudlula emhlabeni kukamfowethu. Lesimo sisilimaze kakhulu futhi kukhona okufanele ajeze ngokwenza lokhu, angeke sithule kuze kube kwenzeka ubulungiswa,” kuqhuba uThulasizwe.
Uthi okubalimaza kakhulu ukuthi uVusi ubeseyingane njengoba ashonelwa umama wakhe enezinyanga ezelwe futhi abamazi ubaba wabo obazalayo.
UVusi ubekwe endlini yakhe yokugcina izolo, inkonzo yokumphelezela ibibanjelwe ehholo eKuvukeni, eMnambithi.
