Uncategorised

KUGASELE AMAPHOYISA EMZINI WENDODANA KA-MSELEKU

INDODANA kaMnuz Musa Mseleku, uMpumelelo okugasele amaphoyisa emzini wakhe. Isithombe Facebook.

NOMCEBO NGEMA

INDIDA kugasela amaphoyisa emzini wendodana kaMusa Mseleku wodumo lohlelo uThando neSithembu kanye neZingane Zes’thembu kumabonakude, ngamacala abucayi.
Ngokuthola komthombo uthi amaphoyisa agasele emzini kaMpumelelo Mseleku osendaweni yomtakabani eBallito, izolo. “amaphoyisa abalelwa kwayisishiyagalombili agasele ebusuku athi awuphiko lwe-Crime Intelligence, avela ehhovisi lesifundazwe. Athe azopequlula umuzi ngamacala okubalwa kuwo elokushushumbiswa kwabantu, izidakamizwa, ukushintshisana ngemali okungekho emthethweni nezibhamu ezingekho emthethweni. amaphoyisa atheleke ngesankahlu, ahlephula izicabha. Abakhombisa amaphepha asemthethweni abanika igunya lokupequlula umuzi, maqede angathola lutho,” kusho umthombo.
Lo mthombo uveze nokuthi kuthe sekulandelelwa kwatholakala ukuthi akulona iqiniso ukuthi amaphoyisa awalolu phiko njengoba ebesho.
Uthi kuvele ukuthi amabili awo asebenza esiteshini samaphoyisa saseMhlali, ebese kuthi laba abanye bekungonogada benkampani ethize kungewona amaphoyisa.
Kuthiwa kuphinde kwavela nokuthi incwadi yokusesha umuzi ebiphethwe ibiwumbombayi futhi ingenayo inombolo yecala.
Lo mthombo uthi okubuhlungu ukuthi lamaphoyisa mbumbulu antshontshe imali engango-R30 000, aphinde athatha nenhlamvu yesibhamu engakasebenzi.
Ethintwa uMpumelelo, usiqinisekisile isigameko kodwa wase exhumanisa intatheli nommeli wakhe njengoba eveze ukuthi kukhona icala elivuliwe ngalesi sigameko kanti uhlela nokulusukumela ngezinkantolo.