Uncategorised

UKHALA EZIMATHONSI OLAHLAKELWE ISITHO SANGASESE

UDESMOND Senong olahlekelwe isitho sangasese. ISITHOMBE: Instagram

MABUNHLE MLABA

UKHALA EZIMATHONSI owasinda edutshulwa kodwa walahlekelwa isitho sangasese, kulandela ukuthi inhlamvu yashaya amankwahla.
UDesmond Senong okunguye obhekene nale ngwadla, uthi okwenzeka kuye uyokuxoxela amagwababa echobana, njengoba inhlamvu avele yakhetha ukushaya amasende nje.
“Ngadubuleka amankwahla ngalimala inhlamvu yelilodwa. Udokotela uthe kuzoba umqansa kumina ukuthola izingane njengoba ngidubula ngenhlamvu eyodwa,” kusho Senong.
Lo wesilisa wasinda esigamekweni sokubulawa kwamantombazane amabili aseMamelodi uTshiamo Moramaga noBaleseng Moramaga, ngeledlule
USenong uthi wayezijabulisa eSmall Konka Shisanyama ngesikhathi umsolwa, uTebogo Mnisi (38) owayephinde abe isoka likaTshiamo evulela ngezulu lezandla.
“Bengidansa nje ngizijabulisa. Bengingazi ukuthi isoka lakhe likhona,” kukhumbula uSenong.
Uthi akuphelanga sikhathi wazithola esebhekene noMnisi, okubikwa ukuthi wahosha isibhamu wavulela ngenhlamvu, uTshiamo wazama ukulamula kodwa uMnisi waqhubeka nokudubula.
“Ngashaywa endaweni yami yangasese, Ngenhlanhla ngakwazi, ngacasha emagcekeni abantu. Ngafika ekhaya, omakhelwane bami bangiphuthumisa esibhedlela.”