INDIDA NGOMJOLO KOWE-CHIEFS NO-PENNY NTULI

UPENNY Ntuli nalowo odlala kwiChiefs uMthethwa
MABUNHLE MLABA
SINYAKAZISE izinkundla zokuxhumana isilomo somsakazi uPenny Ntuli ngesikhathi kuputshuka isithombe sakhe nomdlali weKaizer Chiefs uSibongiseni “Ox” Mthethwa.
Ngaleso sikhathi uMthethwa ube matasa egxile enkundleni kwazise iChiefs ibidlala neDurban City eMoses Mabhida STADIUM, eThekwini.
Okwenze kwaba negidigidi ukufaka ku-status sikaWhatssap amavidiyo kaPenny eseMvundlweni eMtshezi lapho kudabuka khona uMthethwa wabuye wabhala wathi ungumakoti koNyambose.
“Ngiwumakoti wakwaMthethwa, “ kusho uPenny
Ngemuva komdlalo uMthethwa uzithele phezu kwalezi zithombe ngesikhathi ebheka imilayezo ocingweni lwakhe. U-delete uPenny kuWhatsApp futhi washaya i-status ekhombisa ukwethuka.
“My account was hacked, “ kubhala uNyambose.
