
UMTHETHWA UKHUTHAZE ABAFUNDI NGOKUNAKEKELWA KWEMVELO

IMEYA ikhuluma nezingane zesikole.

KUKHUTHAZWE abafundi ukuba batshale izihlahla.
IZITHOMBE: INKOSI MTUBATUBA MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
YAMUKELWE ngezandla ezimhlophe iMeya uMhlonishwa uCllr M Mthethwa, ngesikhathi evakashele izikole KwaMsane, ekhuthaza abafundi ngokubaluleka kokunakekela imvelo nokugcina izindawo abahlala kuzo zihlanzekile.
UMthethwa uthe ukungahlanzeki kwezindawo zokuhlala kunomthelela omubi emvelweni, wakhuthaza abafundi ukuba bakujwayele ukuhlukanisa imfucuza ngaphambi kokuba ilahlwe.
“Sizonishiyela imigqomo kadoti esikhuthaza ukuba niyisebenzise, ngoba kuyona imfucuza ifakwa ngokuthi ihlukaniswe. Kukhona ofaka opulastiki, kube khona ofaka amaphepha, amakani kanye nokufakwa kuwo amabhodlela,” kusho uMthethwa.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokutshala nokuvikela izihlahla, ethi zibalulekile empilweni yabantu nasemvelweni.
“Izihlahla zisilethela impilo, ngakho-ke kubalulekile ukuthi sikhuthaze umphakathi wakithi ukuthi ungazigawuli izihlahla lapho kungenasidingo khona. Sikhuthaza ukutshalwa kwezihlahla lapho zishoda khona ezingekho khona masikhuthazaneni,” esho.
