Uncategorised

UQOKWE KABILI EMUNXENI OWODWA OWE-ZIKO

UMNTOMUHLE Mcambi oqokweni kwiminxeni emibili, yemibhalo yezinkondlo.

PRO NDLOVU

Uzobe useqophelweni eliphezulu umcimbi wokuklomelisa ababhali baseNingizimu Afrika owaziwa ngeSouth African Literary Awards ozobanjelwa eGoli.

Lo mcimbi ozobe wenziwa ihlandla lama-20 uzoba ngomhla ka-11 kuLwezi nonyaka, kanti uthembisa ukuba seqophelweni eliphezulu njengoba kusebenze abehluleli abangama-33 ukuhlunga kwagcina kusale inani abalibona lifanele ukumela iNingizimu Afrika ngemibhalo ehlabahlosile ngezilimi ezahlukene zaseMzansi.

Kanti omunye wabaqokiwe uMnuz Muntomuhle Mcambi ophuma ngaphansi kwenkampani eshicilela imibhalo Iziko Art Company, negqugquzela kakhulu ukuthi kubhalwe ngezilimi zomdabu futhi uphinde abe ngumphathi wayo. Kulokhu uqokwe kabili emunxeni wemibhalo wezinkondlo ngencwadi yezinkondlo ethi: Amagagasi Enjabulo kanye nesihloko sithi: Ukufa Kwenono.

Ephawula uMcambi uthe lokhu kusho lukhulu ngoba kutshengisa ukuthi imisebenzi yakhe emihle iyabonakala. “Ukuqokwa nje emcintiswaneni kazwelonke omkhulu kangaka kusho lukhulu, ukuqokwa kimi kufana nokuthi ngiwinile,” kubeka uMcambi.
Abahleli balo mcimbi babonga batusa kakhulu uxhaso abaluthole eMnyangweni Wezemidlalo Namaciko Namasiko kuzwelonke, nabe-wRite associates, nabaka-Library and Information Services edolobheni lase-Johannesburg ngokwenza isiqiniseko njalo sokuthi lo mcimbi uba yimpumelelo.