Uncategorised

USHINGA UQINISE AMAXHAMA NEZINHLANGANO ZABASEBENZI

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ehlangene nezinhlangano zabasebenzi. USITHOMBE:DSD

AKHONA DLAMINI

USEBONISE ukuzibophezela kwakhe ekuqiniseni ubudlelwano phakathi komnyango nezinhlangano zabasebenzi, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz uMbali Shinga, ngesikhathi enomhlangano nabamele i-NEHAWU, iDENOSA neNAPTOSA namuhla.
Lo mhlangano ubuyingxenye yohlelo olunzulu lukaNgqongqoshe uShinga, lokwakha ukuxhumana nokubambisana phakathi kobuholi bomnyango nabasebenzi.
Uthi Lokhu kuwuchungechunge lwemihlangano yama-cluster eyenzeka ezifundeni ezahlukene, lapho uShinga ehlangana nabasebenzi, ngenhloso yokuzwa izinselelo, nokukhulisana kwezokuthuthukisa umphakathi ngokwahlukana kwayo.
“Siyakhuthazeka uma sibona imihlangano enjengalena iphetha ngenjabulo. Ngiyakholelwa ekutheni ngokubambisans singakwazi ukubhekana nezinselelo futhi siqhubeke nokuthuthukisa izimpilo zabantu baKwaZulu-Natal,” kubeka uShinga.
UNkk Zanele Gumede, uSihlalo we-DENOSA, uncome kakhulu ukuzimisela kukaNgqongqoshe uShinga ekufikeni kwakhe kulo mhlangano nasekulaleleni izikhalo zabasebenzi.
“Lolu hlobo lobuholi luyagqugquzela futhi lwakha ukwethenjwa, okuyisisekelo sokuthuthukisa isimo sokusebenza kanye nokulethwa kwezidingo kwimphakathi ,” esho.