Uncategorised

IVELA ENKANTOLO INDODAKAZI KA-ZUMA

UDUDUZILE Zuma-Sambudla uyavela enkantolo. ISITHOMBE : MKP

NOMCEBO NGEMA

IVELA eNkantolo yaseThekwini indodakazi kalowo owayenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, osolwa ngamacala okugqugquzela ukwenza ubuphekula nodlame emphakathini ahlobene nezibhelu zikaNtulikazi ngonyaka ka-2021.
Lezi zibhelu ezinodlame zaholela ekutheni kutatshwe izimpahla ezitolo, ukucekelwa phansi kwempahla kwaphinde kwadala umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yomphakathi KwaZulu-Natal kanye nasezingxenyeni ezithile eGoli.
Bangaphezu kuka-300 abantu abalahlekelwe izimpilo zabo phakathi ngesikhathi kuqhubeka lezi zibhelu.
Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zibhelu zaziyamaniswa nentukuthelo yabantu, ngokuthi kwakuthiwa kuzoboshwa lowo, owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, ngamacala okukhwabanisa.