ZIYAQONGA IZIBALO ZABALAXAZE IMISHINGUZO YE-HIV

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo yakhe. ISITHOMBE: OTP
NOMCEBO NGEMA
IZIBALO zakamumva ziveza ukuthi bangaphezu kuka-200 000 abantu baKwaZulu-Natal abayeke ukuthatha imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi ezibhedlela nasemitholampilo.
Lokhu kuvele ngesikhathi isigungu esiphezulu Kwazulu-Natal sibambe inguyazana yomhlangano obuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, e-Archie Gemede eMayville izolo, ngenhloso yokuqhamuka namasu kanye nokucebisana ukuthi bangalwa kanjani nokwehlisa izibalo zabantu abasuleleka ngezifo ezithathelana ngokocansi, nokukhulelwa kwamantombazanyana amancane.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi njengamanje uhlelo abanalo olokuthi babuyisele kwimishanguzo okungenani abantu abangu- 117 616 ungakapheli lo nyaka.
Uthi lolu uhlelo abanalo lokuhlenga izimpilo zabantu ezisengcupheni abalubeke eqhulwini njengesitebhisi esilandelayo abazosithatha.
“Udaba lwengculazi kanye nesandulela sayo esifundazweni KwaZulu-Natal akulona udaba oluncane oluthinta ezempilo kodwa udaba olujulile okudlula nemiphefulo yabantu luphinde luhlukanise imindeni. Indlela esenza ngayo ilawulwa uhlelo olwenziwa isifundazwe lokulwa nesifo sengculazi, isifo sofuba kanye nezifo ezithathelana ngokocansi olwaqala ngonyaka ka2023 kuze kube unyaka ka-2028,” kusho uNdunankulu.
Ezinye izibalo zakamumva ziveza ukuthi ngasekuqaleni kwalonyaka (term 1) bangu-376 abafundi abakhulelwa iningi labo lenza uGrade 12 kanye noGrade 11. UMkhandlu wase-Amajuba kanye noMkhanyakude yibona abahamba phambili ngo-50% kanye no-60% ngabesilisa abaye ukuyosokwa, uMkhandlu waseThekwini, Mgungundlovu, King Cetshwayo District, Zululand kanye neHarry Gwala izibalo zamantombazanyana athole abantwana bephakathi kweminyaka eyi15-19 sinyuke ngamaphesenti amane.
Lo mhlangano ubuhanjelwe oNgqongqoshe beMinyango ehlukene, ababambiqhaza, iziMeya kanye nabanye abaningi.
