Uncategorised

KUSINDA KUYEHLELA KU-HLOPHE WE-MKP

UDKT John Hlope osamisiwe eqenjini le-MK futhi osejutshelwe ithimba elizomphenya. ISITHOMBE: MKP

NOMCEBO NGEMA

AKWAZIWA ukuthi iyozala nkomoni ngekusasa likalowo obeyiphini lokuqala lika mengameli woMkhonto Wesizwe Party (MKP) uDkt John Hlophe njengoba eseqokelwe ithimba okuthiwa lizomphenya.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa uDkt Hlophe wayinyathela emsileni ngokudiliza uSotshwebhu omkhulu waleli qembu ephalamende, uNkk Colleen Makhubela, engazange abonisane nabaholi ngaphambi kokuthi enze lesi nqumo.
Kubikwa ukuthi uDkt Hlophe wenza lesi sinqumo ngesikhathi umengameli uMnuz Zuma evakashele eBurkina Faso, nokwathi mebuya kwamiswa yena kwase kubuyiselwa uNkk Makhubela esikhundleni.
Lolu uphenyo olubhekiswe kuJaji Hlophe, kusukela ngemuva kokumiswa ngasekuqaleni kwale nyanga kaLwezi, okwathi uMengamelu waleli qembu uMnuz Jacob Zuma, ememezele ukuthi uDkt uHlophe liyamumisa kuzona zonke izikhundla okubalwa esekoba iphini kanye nokuba uMholi weqembu ephalamende.
Okhulumela leli qembu uNhlamulo Ndhlela uthi umengameli uZuma ukubeke kwacaca bha, ukuthi abaholi abajutshwe ePhalamende abakwazi ukuzithathela izinqumo.