Ezobumnandi

UBUYA NGEGIYA OWE-UGU JAZZ FESTIVAL

KUZOKUBA usezingeni eliphezulu owe-Ugu Jazz Festival 2026.

AKHONA DLAMINI

BATHEMBISA ukwenza into ecokeme kowo-Ugu Jazz Festival, njengoba kulindeleke ukuthi ubuye ngegiya eliphezulu kulonyaka, e-Ugu Sport and Leisure Centre, mhla zingama-26 kuNhlangulana.
Lo mcimbi uzothatha izinsuku eziningi, ngenhloso yokuheha izivakashi zaseNingizimu Afrika nezangaphandle.

Abahleli balo mcimbi bathi kulo nyaka lo mcimbi ngeke ugcine ngokuba yikhonsathi ye-jazz kuphela, kodwa uzohlanganisa isidlo sakusihlwa, inkonzo yokukhonza nomcimbi omkhulu we-jazz. “Ngonyaka odlule besigxile ekuvuseleleni i-Ugu Jazz Festival, nokukhumbuza abantu ngamandla ayo. Kulo nyaka sizoxuba, siletha ubumnandi obuzothatha izinsuku eziningi,” kusho omele i-Coolsounds Trading.

Amathikithi azotholakala ezitolo zakwa-Spar, Pick n Pay, Boxer naseTicketpro kanti aqala ku-R250.
Lo mcimbi uhlelwe uMasipala wo-Ugu ngokubambisana ne-Coolsounds Trading, kanti uxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal kanye noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal.